Ukuphupha Amanzi Kusho Ukuthini?

4:52 AM

Ukuphupha Amanzi


Ukuphupha amanzi akuyona into okufanele ikujabulise ngoba amanzi awuphawu lokungaqondakali. Uma sikhula siyawajwayela amanzi ezimweni eziningi ezahlukene. Kwesinye isikhathi siyawaphuza, siyageza ngawo, siyawasha okungcolile ngawo futhi sisenokwenza imicimbi yobungoma namasiko ngamanzi.

Ukuphupha Amanzi - Incazelo 


Ukuphupha amanzi kuwuphawu lokungabi nesiqiniseko ngento ethile empilweni yakho. Kuye bese kuya ngokuthi impilo yakho ikusiphi isigaba nokuthi yini le osabhekene nayo empilweni yakho. Kodwa wona amanzi, njengazo zonke izinto umdali azidalile futhi imvelo exhumana nathi ngayo ukudlulisela imiyalezo ethile, nawo asuke esixoxela udaba oluthile.

Kuyehlukake ukuphupha amanzi ngoba kuya nangokuthi ebenjani njengoba ukuwaphupha nje. Amanzi indalo yawo ayashintsha isimo sawo uma esesetshenzisiwe. Kodwa noma esenze ini ekugcineni ahlale engamanzi nje. Sikuchazile ke futhi ukuphupha ulwa ukuthi kusho ukuthini

Kuyenzeka ke uwaphuphe engcolile noma uwaphuphe ehlanzekile. Usenokuwaphupha emile nje eyixhaphozi futhi ungawaphupha egobhoza. Abanye bawaphupha encolile esesizibeni noma futhi encolile egobhoza. Zonke lezizimo zamanzi zinezincazelo esingeke sakwazi ukuzichaza zonke kulokhukubhala. Kodwa khona ukuphupha amanzi yinto okufanele uyisukumele ngokuya ngokubaluleka kwephupho lakho.

Ukuphupha amanzi ewudaka olumnyama kungasho isifo ozosizwa noma kungasekhona nje emndenini wakho. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi kukhona othakathayo emndenini wakho ophehla amanzi amnyama. Okunye esibhale ngakho okubalulekile wukuthi kusho ukuthini ukuphupha indoda yakho imithisile uma ungumuntu wesifazane

Ukuphupha Amanzi Adungekile


Kuhlukene ukuphupha amanzi adungekile ngoba kuya ngesimo owaphupha kuso. Kuyenzeke abike intwaso, inhlambuluko noma isichitho. 

Ukuphupha Amanzi Echitheka

Lokhu kungasho isimo sento oyilungisayo noma oyisebenzayo ihlakazeka bese ingaphumeleli. 

Ukuphupha Amanzi















Ukuphupha Amanzi Amaningi Agelezayo


Uma ephusheni lakho amanzi egeleza kuvamile ukuthi kube amanzi ahlanzekile. Lokho kusho ukuthi isimo sakho sempilo asimile kodwa siyaqhubeka. Izinto ezingezimbi ziyaqhubeka ukuya phambili kuwe. Uma amanzi agelezayo engcolile kufanele uthathe izinyathelo uyohlola.

Ukuphupha Amanzi Olwandle


Amanzi olwandle wona athanda ukuhluka uma uwaphupha kunamanzi ajwayelekile. Akuvamile ukuthi amanzi olwandle abike okuhle.

Ukuphupha amanzi olwandle kuvamile ukuhambisana nezinkinga ezithize edlozini lakho. Kuvama ukuba yidlozi lenkaba yakho. Idlozi lenkaba yakho phela yileli lesibingo sakho.

Amanzi olwandle yiwona asetshenziswayo uma kusuke kugwezwa idlozi. Uma futhi kuguqulwa umsamo kuyaye kuyiwe olwandle. Ithonga nje lilonke ligwezwa olwandle.

Ukuphupha amanzi olwandle kungasho ukuthi kunezinto edlozini ezingahambi kahle okufanele ukuthi uzisukumele.

NB: Usuke unenhlanhla uma usakwazi ukuphupha ngoba amaphupho abalulekile kakhulu ukukhombisa uma kunezinto okufanele uzibhekisise empilweni yakho

Thola incazelo yamaphupho akho ku Whatsapp 083 451 5216.