Ukuphupha Ulwa Kusho Ukuthini

4:55 AM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ulwa?


Ukuphupha ulwa akuyona into ejwayelekile kodwa abaningi bayayiphupha ngenxa yezimo eziningi ezejwayelekile. Ziningike izindlela lelipho abanye abalichaza ngayo kodwa akuzona zonke ezishaya khona.

Ukuphupha Ulwa Nencazelo Yakhona


Noma yiluphike uhlobo lwemi kufanele kube nesiphetho ekugcineni. Yingakho ke nje uma uphupha ulwa, kubalulekile ukuthi ubulwa nobani futhi uyakwazi yini ukukhumbula ukuthi bekubangwani kulelophupho. Lokhu ke kusho ukuthi izincazelo zaleliphupho ziyehluka ngokwezigaba zalo depending on ezizinto engizibalayo.

Ukuphupha ulwa nomuntu omthandayo - Lokho kungaba wuphawu lokuthi nisazoqhamukela esimweni esingasihle kahle kodwa nguwena onomandla okwenza isinqumo esingagwema lesosimo.

Ukuphupha ulwa nomzali wakho - kuyenzenza uma nizalana bese ningaboni ngaso linye kwezinye izinto. Leliphupho kujwayelekile ukuthi libike ukudlula kobuhlungu owakuzwa ngenxabano eyake yabakhona kuwe nomzali wakho ngaphambili. Noma kungavamile kodwa liyakwazi futhi ukubika okusengenzeka ngaphambili. Uma kunjalo kusho ukuthi uyeqwashiswa.

Kuchazani Ukuphupha Ulwa Wehlulwe


Ukuphupha ulwa wehlulwe - lokhu kungasho ukuthi impi obhekene nawe ayingangawe kufanele wenze isinqumo. Mhlawumbe ungakhetha ukuyihlehlela noma futhi ukhethe ukuyihlomela ngaphezu kwalokhu okuhlomile manje. Amadoda ke ahloma ngezindlela ezehlukene kodwa indoda nendoda iyazazi ukuthi iqine kangakanani.

Okubalulekile ke nje ngawo wonke amaphupho ukuthi ayabika lokhu esikade singakunakile noma sikuthatha kancane nje. Kwesinye isikhathi kuyenzeka abike okwenzeka kudala empilweni yakho. Ubokwazi ke ukuthi kwesinye isikhathi usuke usudluliswa kukho ngokwenqondo nomphefumulo wakho.

Ukuphupha Ulwa Nomuntu Ongasekho

Lokhu kuthanda ukuba yimpica badala ngoba abantu abangasekho ngokuvamile kufanele babe yothonga kithi. Ngakhoke kufanele uma sibaphupha bavele kahle emaphusheni ethu. Uma bengaveli kahle lokho kusho ukuthi khona okusuke kungalungile.

Kuyenzeka ke kwesinye isikhathi umuntu ongasekho asetshenzwe abathakathi ebese ebuya ngenhloso yokufeza lokho abasuke bekuhlosile.

Ngingasho nje ngithi ukuba kuya ngami ngabe uma ukuphupha ulwa nomuntu ongasekho kwenzeka mhlawumbe kuphindelela, uhambe uye kulabo ababonayo uyozwa kubo.

Ukuphupha Ulna Kusho Ukuthini

Uma ufuna incazelo ngephupho lakho shiya umbuzo ngezansi kuma comments sizokuphendula. Okunye futhi ongakwenza ukubuza ngephupho lakho ku whatsapp 083 451 5216