Ukuphupha Indoda Yakho

12:26 AM

 Ukuphupha Indoda Yokho

Uma ungumuntu wesifazane kuyenzeka uzithole sewunikezele ngenhliziyo yakho kowesilisa thize bese eba yindoda yakho. Ukuphupha indoda yakho kuyaye kuye ngokuthi yisiphi isimo oyiphupha kuso

Ukuphupha Indoda Yakho Inqunu

Lokhu kungabika okuthize okuhambisana nezenzo zendoda yakho kodwa ke futhi kungenzeka kube yimicabanga yakho. Ukungamethembi umuntu wakho noma ngabe yindoda noma owesifazane akulungile ngoba kuholela emicabangweni ethile noma usulele.

Ukuphupha Indoda Yakho Imithisile

Njengoba ke sengichazile ziningi izimo ongaphupha kuzo indoda yakho. Kuba yizimo ezinhle futhi kube ezimbi. Uma ngabe kunezinto ongazethembi kahle lokho kuyayishintsha imicabango yakho ngomuntu wakho.

Ukuphupha umuntu wakho emithisile kusho ukuthi kukhona okungashayi amanzi kahle hle. Kunokwenzeka ukuthi sekukhona omunye empilweni yakhe. Kusenokwenzeka futhi ukuthi kukhona osemukhulelisile vele. 

Kusenokwenzeka futhi ukuthi leliphupho liyakuqwashisa ngokungakenzeki kodwa okunyelelayo. Akubi wukuthi usemithisile ngempe kuso sonke isikhathi. Vele ngeke uthande akuzwa izindaba ezinjalo ngakhoke uyaqwashiswa ngephupho ukuze usukume nawe ulwele ubudlelwane bakho nayo indoda yakho.

Ukuphupha Indoda Yakho Imithisile

Ukuphupha Indoda Yakho Ikujolela

Kunokwenzeka ukuthi unama insecurities ngalowo wesilisa othandana naye aziveza emaphusheni akho kungathi uyakujolela.

Okunye nje ongakubheka la ukuthi umbonile yini lowo owesifazane obemithi nokuthi wumuntu omaziyo noma omsolayo yini ukuthi angakuthathela.

Ukuphupha indoda yakho ikujolela okungahambisani nalutho wena olwenzayo njengokusebenzisa umuthi kungabika ama insecurities nje angasho lutho. Kodwa uma kukhona isiwasho ogeza ngaso okwalezo zinsuku bese uphupha leliphupho kungabakhona elikukhombayo. Kufanele ugade impela.

Ukuphupha Indoda Yakho Iqonyiwe


Lokhu nakho kungakhomba ama insecurities ngokufanayo nje nokuphupha indoda yakho imithisile.

Ukuphupha indoda yakho ishawa abantu bakini kubika ukuthi kukhona lomuntu wakho angakwenzile kahle edlozini lakho. Kungaba wukuthi ninomntwana kodwa akamhlawulile. Kungenzeka futhi lokhu ngenxa yezizathu ezahlukahlukene.

THOLA IZINCAZELO ZAMAPHUPHO KU WHATSAPP 083 451 5216

Important Advice Kwezothando: 

Uma usothandweni futhi unomuntu ozimisele ngaye ukwakha naye ikusasa, kugweme ukumsebenzisela umuthi ngoba naye uhamba nedlozi. Into esincoma ukuthi uyisebenzise ukulungisa izinto zenu nokulwa nezitha ukuthola isiwasho esihlanganisiwe sokugeza nesokuxosha izichitho enishawa ngazo.

Khumbula ukuthi uma uthandana nomuntu kodwa usuke waba nobudlelwane ngokocansi nomunye umuntu, leyonto nje iyodwa iyaba yisichitho. Yingakho nje kubalulekile ukuthi uma unomuntu omusha uzihlambulule ngeziwasho ezingeyona ingozi.

You can order isiwasho sokuzihlanza nokuzihlambulula ku whatsapp 083 451 5216