Ukuphupha Ukhulelwe Kusho Ukuthini

5:08 AM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ukhulelwe?

Abantu abaningi besifazane kuvamile kwenzeke ukuthi umuntu aphuphe ekhulelwe kodwa angayazi incazelo. Ukuphupha ukhulelwe kungaba nezincazelo ezahluke kumuntu nomuntu. Into ebalulekile uma ungumuntu wesimame uphupha ukhulelwe wukuthi ukusiphi isigaba sempilo.

Ukuphupha Ukhulelwe Kodwa Ube Usemncane

Kungenzeka noma nje kungajwayelekile ukuthi ube owesifazane osemncane kakhulu ukuthi angakhulelwa kodwa uzithole uvuka naleliphupho. Lokho ke kufanele kukukhathaze ngoba kungase kubike ingozi engase ikwehlele.

Njengoba ke ngike ngasho ngenhla ukuthi kufanele njalo iphupho lapho lihambisane nesigaba sempilo yakho. 









Ukuphupha Ukhulelwe Usebenzisa Imithi

Ukuphupha ukhulelwe ube usesigabeni sokusebenzisa izinduku noma imithi ethile kungasho okuhlukile kakhulu. Lezi izinto ozama ukuzilungisa empilweni ngomuthi seziyalunga.

Kunokwenzeka futhi ukuthi uyaboniswa ukuthi lezizinto ozibhekile empilweni zibucayi kanjani. Ngakhoke la uyakhonjiswa ukuthi imizamo yakho ayilona ize leze. 

Uma Uphupha Kanje Kade Unomuntu Wesilisa

Uma kuwukuthi uyazazi ukuthi unokuya ocansini ngaphandle kokusebenzisa izivikelo, ukuphupha ukhulelwe kuyakukhombisa ukuthi sekukhona okushaya amanzi.

Kwesinye isikhathi awukazithwali kodwa abadala bayakuqwashisa nje ukuthi kungenzeka kube khona indodana noma indodakazi ezayo.

Okunye esesike sabhala ngakho ngaphambili mayelana nokuphupha kuhamba kanje+

Ukuphupha amanzi

Ukuphupha indoda yakho

Ukuphupha Ulwa