Ukuphupha Ulwandle Kusho Ukuthini?

2:45 AM

Ukuphupha Ulwandle Nencazelo Yakho

Ulwandle ngokwesintu luyindawo ehlanzekile kakhulu futhi enamandla ngoba kunenkolelo yokuthi izinyanya ziyahlala kulo. Lena yinkolelo endala futhi ziningi izizathu zayo.

Okokuqala nje ulwandle lunamandla kakhulu futhi into encolile ayihlali kulo nangengozi. Okwesibili ulwandle lufihle izimfihlo ezinzulu mayelana nesimo sezinto ezihamba nezisebenza ngomoya. Lapha sisho izinto ezingabinwa ngamehlo. Ziningi kakhulu izinto nezimfihlo esingeke sazazi ngalo.

Abelaphi bendabuko balukhonzile ngoba uma lusetshenziswe ngedlela efanele luyasiza kakhulu ukulungisa. Noma ungakha amanzi nesihlabathi salo uzosithela emagcekeni omuzi, izitha azidlaleli kalula ngakhona ngoba imimoya emibi luyayixosha.

Ukuphupha Ulwandle

Uma uphupha ulwandle ulele bese uvuka ekuseni ukhumbula lelophupho, kufanele uzihluphe kakhulu ukuthola ukuthi lokhu kusho ukuthini. Ukuze kube lula ukuthola incazelo, kufanele ubuke isimo okade ukuso kulelophupho.

Ngokujwayelekile nje ulwandle luyagubha amagagasi esikhathini esiningi. Luyakwazi futhi ukuthi ngesinye isikhathi lucwebe noma phela kungafani nomfula.

Enye into eyenza ukuphupha ulwandle kubaluleke wukuthi luvele lubanzi kakhulu ngakho ke amaphupho ahambisana nalo akuyona into ongayiziba nje kalula. Ukuphupha ulwandle kukhomba into enkulu emplilweni yakho

Wena muntu osuke ephuphe ulwandle kufanele ukuqonde ukuthi lelo phupho liqondene nawe ngqo!

Ukuphupha Ulwandle Okujwayelekile

Ukuphupha ulwandle luchitheka kusho ukuthi ithonga kukhona into elicasulayo empilweni yakho

Ukuphupha ulwandle luncolile kusho ukuthi kukhona izinto ezimayelana nedlozi ezifuna ukugezwa. Kusenokwenzeka ukuthi leliphupho libika ukuthi kukhona ophehla amanzi amnyama ethongeni. Usuke uqwashiswa ngokuthi izinto zakho zizovaleka uma ungaziphakameli.

Ukuphupha Ulwandle Luluhle

Uma uphupha ulwandle luluhle lucwebile kusho ukuthi idlozi likhuluma nawe ngezinto noma ngobudlelwane wena onakho nalo kodwa futhi kunohambo okufanele uluqale