UKUPHUPHA ULUNYWA YIZINJA KUSHO UKUTHINI

7:30 AM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ulunywa Yizinja?

Kukhona okuyindida ngezinja uma seziqhamuka sizibona ephusheni. Ngokwephupho izinja zimele ithonga. Ziyafana nje namaphoyisa noma amasosha kodwa kuye bese kwehluka ngesimo oziphupha zikuso.

Ukuphupha Ulunywa Yizinja

Izinja zivame ukuvela ephusheni zijabulile futhi zikudlalisa. Imibala yazo iyahluka kodwa kuyaye kube imibala ekhona ngempela ezinjeni zoqobo.

Njengoba kuthiwa izinja zimele ithonga yingoba phela inja iyisilwane sasekhaya. 

Kukhona okusuke kungahambi kahle uma izinja zikuluma ephusheni. Kodwa ke lokhu kungenzeka uma nje vele ungumuntu ozesabayo izinja.

Ukuphupha ulunywa yizinja ube vele ezesabela zona kubika ukuthi kukhona okukukhathazayo emplilweni. Lokhu kuwuphawu lokuthi umana insecurities ngezinto ezithile.

Kwesinye isikhathi kungabika ukuthi sekufinyelele esikhathini sokuthi uthathe izinqumo noma esinqumo kodwa uyesaba.

Ukuhlola Amaphupho

Siyaye sikuncome ke ukuthi uma uphupha ulunywa yizinja kanye nje nezinye izinhlobo zamaphupho ongawaqondi kahle, hamba uyohlola. 

Okunye futhi okuyaye kusize wukuthi uwaqaphele lamaphupho ukuthi ayaziphindaphinda yini na.

Ukuphupha Ulunywa Yizinja