Ukuphupha Umuntu Enqunu

9:16 PM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Umuntu Enqunu

Empilweni siphila nabantu abaninginingi futhi abahlukene. Kuba nezizathu eziningi ezidala ukuthi abantu babe sezimpilwenini zethu. 

Abanye abantu siphilisana nabo ngenxo yokuthi siyazalana kanti abanye sihlangane nabo ezindleleni zethu zokuphila sagcina sesiphilisana nabo

Ukuphupha Umuntu Onqunu

Uma uphupha umuntu enqunu kufanele wazi ukuthi lelophupho libalulekile kakhulu futhi likukhombisa okuthile. Ngona akuwena osuke unqunu kusho ukuthi lokho okukhonjwa yileliphupho kuqondene nomuntu osuke umbona.

Kunokwenzeka ke ukuthi lomuntu omphuphayo uyamazi futhi umuntu ophilayo osondelene naye. Uma kunjalo kungenzeka ukuthi uyakhonjiswa okungalungile ngalowo muntu. Kunokwenzeka futhi ukuthi lowomuntu usuke ekusebenzisela umuntu.

Ezinhlotsheni zomuthi ezahlukahlukene, kukhona imithi okufanele ube nqunu ukuze uyisebenzise isheshe yenze lomsebenzi oyithumele wona. Ukuba nqunu uma usebenzisa umuthi kuyaye kuwunike amandla. Manje ke uma ngabe uphupha umuntu enqunu konokwenzeka ukuthi uyakugadla.

Ukuphupha umuntu enqunu omaziyo nomgamaziyo kahle kahle kusho isichitho lokho. Kufanele loluhlotshana lwamaphupho ulusukumele.

Ziningi ke izindlela ongasukuma ngazo ukuze ubhekane nqo nalomkhuba ngoba wona awulungile.