Izithakazelo Zakwa Nkosi, Clan Names and Praises

Izithakazelo Zakwa Nkosi, Clan Names and Praises

Nazi izithakazelo zakwa Nkosi nama clan names futhi nama praises akhona. Kuya ngokuthi wena ufuna ukukubiza kanjani.

Ndlangamandla,

Mphazima, Mntungwa,

Mawandla kaNdlela,

Nina baseMandlovini,

Mlotshwa, Siwela,

Mphazima kaLanga,

Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali,

Mabuya sezembethe'ugogwane,

Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala,

Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi, kwavel'udaka,

Nkonjane yenkosi,

Mpangazitha.

Izithakazelo Zakwa Nkosi, Clan Names and Praises