June 2021 - Archive

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho

8:12 AM

Ukuphupha Ulwa Nomuntu Wakho

Ukuphupha uxabana nomuntu wakho othandana naye kungaba wuphawu lezinto eziningi ezahlukene. Kodwa kukuncane leliphupho likhomba into ekude ne relationship yakho.

Ukuphupha Ulwa Nomuntu Wakho - Nixabene

Kuhlukile uma ufikelwa yileli iphupho kungenalutho olusolayo kunoma lifika mhlawumbe kade nixabene. Sizozama ke ukuqala ngokulichaza uma lifika kade nixabene.

Ukuphupha ulwa nomuntu wakho kade ulale nivele nixabene kungaba nje wukuthi unama insecurities asuka ekutheni uze wayolala ningalulungisile udaba lwenu.

Yimgakho nje kubalulekile ukuthi inxabano noma eyaluphi uhlobo ungalali ungazamanga ukuyilungisa. Lungisa izindaba zakho ilanga lingakashoni.

Ukuphupha Ulwa Nomuntu Wakho -Ningaxabene

Uma leli iphupho lifika ningaxabene futhi ungasoli lutho kukhulu elinokukubika. Kusho ukuthi ukhona umuntu ohlangothini lwakho noma lwakhe ozama ukunixabanisa. 

Okujwayelekile ke ukuthi kube khona umuntu osebenzisa isichitho ukuze nehlukane. Kodwa mhlawumbe ungasheshe uzikhathaze uma nje uphupha kanye. Qala ukukhathazeka uma liphinda libuya mhlawumbe ngendlela ethe ukuhluka.

Ezinye Izincazelo Zamaphupho

1. Ukuphupha Ulunywa Yizinja

2. Ukuphupha Ukhulelwe

3. Ukuphupha Indoda Yakho

4. Ukuphupha Umuntu Enqunu

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho



Mahlobo Clan Names, Izithakazelo ZakwaMahlobo

Izithakazelo zakwa Mahlobo, Mahlobo Clan Names and Praises

This is how Mahlobo clan names are read...

Sokhela

Mphangazitha

Bomvula, Maqhoboza

Dlukula,Thiyela,

Mashiy' amahle, Nzuza, Mshazi,

Shomela kaMgijima!

Wanakana Wasala kaMlezane

Umvem'ocalyo ezihlambanen' zakwaMcikiza

Umagwazishum' umagwaz' ubekelele

Wena owahlab' iso lesilo ngomuso wahlab' elengonyama

If you wish to find out more about Mahlobo clan, feef free to send a whatsapp message to 0839231394