February 2026 - Archive

Intolwane Umuthi Uses and Benefits

9:12 PM

Intolwane Umuthi Wenzani (Uses and Benefits)

Umuthi intolwane unamagama amaningi obizwa ngawo. Abanye bathi yintolwane, yintulwane, ugweje, umdabu kanti futhi ngesiXhosa kuthiwa yi xixuvai.



Yenzani Intolwane Umuthi?

Iyaphalaza futhi iyasiza kakhulu ekugezeni ngenhloso yokususa amathunzi amnyama. Nesichitho ayisibheki. Yiyo phela okuvamise ukugezwa ngayo emva komngcwabo. Imandla ke futhi uma kuthwakwa imithi yokuvikela ikhaya nebizinisi.

Ngokolimu lokubolekwa intolwane ibizwa ngokuthi yi elephantorrhiza elephantina. Yona futhi ibuye ibizwe ngokuthi yi Eland's bean, Eland's wattle, Elephant's foot/root, noma Dwarf elephant root.

Kuyisitshalo esincane ongeke sinake nje esihlala phansi, esinezimpande ezinkulu ezingaphansi komhlaba (rhizome/tuberous root) ezifana "nelelephant foot" ngenxa yobukhulu bazo.

Intolwane ke iqhakaza izimbali ezimhlophe noma eziphuzi njengotshani. izithelo zayo ke intolwane ziba sabundilinga emnyama ezinezimbobo.

Itholakala Kuphi Intolwane Umuthi

Ngokujwayelekile intolwane ikhula kakhulu ezindaweni ezinotshani futhi nezindawo ezomile noma ezinomoya omningi. kuze ichachambe kahle kufanele kuvamise ukuna imvula ngesikathi sehlobo ukuze ichachambe kahle. 

Nawa ke ama provinces evame ukutholakala nokumila kuwe e South Africa:

KwaZulu-Natal (kufaka phakathi izindawo eziseduze neDurban naseNingizimu neKZN).

  • Eastern Cape, 
  • Limpopo, 
  • Mpumalanga, 
  • Free State, 
  • Gauteng, 
  • Northwest, 
  • Northern Cape

Intolwane iyakunwa kakhulu kodwa ayikakabi phansi kwezemvula eziyivela kancane. Iseningi kakhulu futhi e South Africa. Noma ke kunjalo kubalulekile ukuthi isetshenziswe ngokukhulu ukuhlakani ukuze yongeke. Lokhu kuyosiza nezizukulwane ezilandelayo ukuthi ziyifice isekhona.

Yini Etholakala Kuyo Intolwane Esizayo?

  • Tannins
  • Flavonoids, 
  • Saponins, 
  • Alkaloids, 
  • Phenolics, 
  • Kanye terpenoids

Lezi zinto zinikeza amandla okwelapha: anti-inflammatory, antimicrobial, antioxidant, astringent (okunciphisa ukopha noma ukugcwala), kanye nokulwa namagciwane.

Izinzuzo kanye nokusetshenziswa kwemvelo (traditional uses emikhubeni yaseNingizimu Afrika)

Intolwane isetshenziswa kakhulu njengomuthi wendabuko (ikakhulukazi ezinyangeni zaseZulu, Xhosa, Sotho, Tswana), futhi inezinzuzo eziningi:

Okwelashwa Yintolwane

Iyelapha uhudo (diarrhoea), dysentery, ulcers (perforated peptic ulcers), stomach pains, bloating, nokulahlekelwa isifiso sokudla (appetite).

Imandla ke futhi ekuhlanzeni nasekuhlambululeni igazi. Iyaziwa kakhulu nasekubuyiseni amandla emzimbeni.

Okwenziwa Yintolwane Ezifweni Zabesifazane

Mkhulu ke umsebenzi owenziwa yintolwane ekwelashweni kwabesifazane. Lapha sikhuluma ngabesifazane abakade beyobeletha. Laphake ilwisana nobuhlungu besibeletho kanye nje nesiso sisonkana. Ibuye futhi isize intolwane ukuqeda ukugcwala komoya esiswini.

Izinkinga Zesikhumba

Iyakwelapha ke futhi konke lokhu okulandela: acne, skin diseases, wounds, boils, nokukhanyisa isikhumba (skin lightener in some uses).

Edume ngakho emhlabeni jikelele yilokhu okulandelayo:

  • Anti-inflammatory (ukunciphisa ukuvuvukala),
  • Antimicrobial (ukulwa namagciwane, STIs, venereal diseases),
  • Wound healing nokumisa ukopha,
  • Haemorrhoids, 
  • Prostate issues

Ezinye izindlela zokusetshenziswa:

Imithi: Izimpande ziyabiliswa (decoction) noma zenziwe itiye / tonic.

Ukugaya: Kuyagaywa noma kugcotshwe.

Ukudya: Imbewu iyosiwa ibe yikhofi substitute; izimpande ziyathunyelwa noma zisetshenziswe ukusinda izikhumba.

Kwezinye izikhathi ihlanganiswa nomunye umuthi (njenge-umgugudu) ukuze isebenze ngamandla.