UKULAHLA NOMA UKUKHIPHA ISILWANE

6:37 AM

UKULAHLA NOKUKHIPHA ISILWANE

Ukulahlwa kwesilwane yinto eyenziwayo wumuntu okwazi ukwelapha. Uma lowomuntu olaphayo ekwazile ukuzwa enhlolweni ukuthi umuntu amsizayo unesilwane, kuye kufuneke ukuthi amsize asisuse lesosilwane.

Wazi Kanjani Ukuthi Unesilwane

Akulula ukuzibona ukuthi unesilwane ohamba naso noma osibeletheyo. Kodwa ngoba bakhona laba abanesiphiwo sokuhlola, sekuba lula ukwazi. Kuyenzeka kwesinye isikhathi lo ohlushwa yisilwane ezwe nje ukuthi akuhambi kahle.

Ziningi ke izimpawo okwazi ngazo ukubona ukuthi akuhambi kahle. Omunye impumelelo iyaye inqabe kuye kodwa esekwenze konke okufanele. Kanti omunye izinto ziye zimhambele kahle bese nje konakala esikhaleni.

Siye seluleke abantu ukuthi kufanele ngaso sonke isikhathi bazihlole izindaba zabo. Lokhu sikusho ngoba uma ubelethiswe isilwane, izinto zakho ziye zithande ukungahambi kahle.

Ukulahla isilwane kwenziwa uma sebekuhlolelile bathola ukutho ngempela uhlushwa yisilwane.

Siyini Isilwane

Isilwane akuyo into ephila ngokwenyama nongakwazi ukuyibona ngamehlo. Uma kwenziwa lento esithi ukulahla isilwane sisuke singeke sibone isilwane thizeni sibaleka. Isilwane wumoya osuke ukhandiwe noma wakhiwe ukuze ufeze izinhloso ezithile. Lomoya uyaye ufakwe ngandlela thize emntwini.

Njengoba isilwane siwumoya, kusho ukuthi uma singalahlwa siyakwazi ukuphila nawe ingunaphakade. 

Sifakwa Noma Singena Kanjani Isilwane

Uma ngabe lomoya esiwubiza ngesilwane usuwakhiwe, uyaye bese ufakwa ngokuthi kusetshenziswe imithi ethile kubizwe igama lakho. Ziningi ngempela izindlela lomoya ongafakwa ngazo.

Ukulahla Isilwane