Amaphupho Nezincazelo

Sikhuluma ngamaphupho nezincazelo zawo

  • Amaphupho

    Ukuphupha kuyisiphiwo esikhulu ngoba yindlela esixhmana ngayo nezwe likamoya lapho siphila khona ngokomoya. Ziningi ke izinto esingaziqondisisa uma singakwazi ukuchaza amaphupho.

  • Izithakazelo

    Sonke isibongo siba nesithakazelo saso esaziwayo. Ngokuhamba kwesikhathi izithakazelo ziyalahleka. Sibhala zona lapha ukuze sizilondoloze isikhathi eside.

  • Amakhambi

    Kukhona izinhlobo ezehlukene zamakhaphi esizidingayo ukwelapha izifo ezahlukene. Lapha sibhala ngamanye awo ukuze sicacisele labo abanemibuzo ethile

  • We found Few available jobs for you

    Intolwane Umuthi Uses and Benefits

    9:12 PM

    Intolwane Umuthi Wenzani (Uses and Benefits)

    Umuthi intolwane unamagama amaningi obizwa ngawo. Abanye bathi yintolwane, yintulwane, ugweje, umdabu kanti futhi ngesiXhosa kuthiwa yi xixuvai.



    Yenzani Intolwane Umuthi?

    Iyaphalaza futhi iyasiza kakhulu ekugezeni ngenhloso yokususa amathunzi amnyama. Nesichitho ayisibheki. Yiyo phela okuvamise ukugezwa ngayo emva komngcwabo. Imandla ke futhi uma kuthwakwa imithi yokuvikela ikhaya nebizinisi.

    Ngokolimu lokubolekwa intolwane ibizwa ngokuthi yi elephantorrhiza elephantina. Yona futhi ibuye ibizwe ngokuthi yi Eland's bean, Eland's wattle, Elephant's foot/root, noma Dwarf elephant root.

    Kuyisitshalo esincane ongeke sinake nje esihlala phansi, esinezimpande ezinkulu ezingaphansi komhlaba (rhizome/tuberous root) ezifana "nelelephant foot" ngenxa yobukhulu bazo.

    Intolwane ke iqhakaza izimbali ezimhlophe noma eziphuzi njengotshani. izithelo zayo ke intolwane ziba sabundilinga emnyama ezinezimbobo.

    Itholakala Kuphi Intolwane Umuthi

    Ngokujwayelekile intolwane ikhula kakhulu ezindaweni ezinotshani futhi nezindawo ezomile noma ezinomoya omningi. kuze ichachambe kahle kufanele kuvamise ukuna imvula ngesikathi sehlobo ukuze ichachambe kahle. 

    Nawa ke ama provinces evame ukutholakala nokumila kuwe e South Africa:

    KwaZulu-Natal (kufaka phakathi izindawo eziseduze neDurban naseNingizimu neKZN).

    • Eastern Cape, 
    • Limpopo, 
    • Mpumalanga, 
    • Free State, 
    • Gauteng, 
    • Northwest, 
    • Northern Cape

    Intolwane iyakunwa kakhulu kodwa ayikakabi phansi kwezemvula eziyivela kancane. Iseningi kakhulu futhi e South Africa. Noma ke kunjalo kubalulekile ukuthi isetshenziswe ngokukhulu ukuhlakani ukuze yongeke. Lokhu kuyosiza nezizukulwane ezilandelayo ukuthi ziyifice isekhona.

    Yini Etholakala Kuyo Intolwane Esizayo?

    • Tannins
    • Flavonoids, 
    • Saponins, 
    • Alkaloids, 
    • Phenolics, 
    • Kanye terpenoids

    Lezi zinto zinikeza amandla okwelapha: anti-inflammatory, antimicrobial, antioxidant, astringent (okunciphisa ukopha noma ukugcwala), kanye nokulwa namagciwane.

    Izinzuzo kanye nokusetshenziswa kwemvelo (traditional uses emikhubeni yaseNingizimu Afrika)

    Intolwane isetshenziswa kakhulu njengomuthi wendabuko (ikakhulukazi ezinyangeni zaseZulu, Xhosa, Sotho, Tswana), futhi inezinzuzo eziningi:

    Okwelashwa Yintolwane

    Iyelapha uhudo (diarrhoea), dysentery, ulcers (perforated peptic ulcers), stomach pains, bloating, nokulahlekelwa isifiso sokudla (appetite).

    Imandla ke futhi ekuhlanzeni nasekuhlambululeni igazi. Iyaziwa kakhulu nasekubuyiseni amandla emzimbeni.

    Okwenziwa Yintolwane Ezifweni Zabesifazane

    Mkhulu ke umsebenzi owenziwa yintolwane ekwelashweni kwabesifazane. Lapha sikhuluma ngabesifazane abakade beyobeletha. Laphake ilwisana nobuhlungu besibeletho kanye nje nesiso sisonkana. Ibuye futhi isize intolwane ukuqeda ukugcwala komoya esiswini.

    Izinkinga Zesikhumba

    Iyakwelapha ke futhi konke lokhu okulandela: acne, skin diseases, wounds, boils, nokukhanyisa isikhumba (skin lightener in some uses).

    Edume ngakho emhlabeni jikelele yilokhu okulandelayo:

    • Anti-inflammatory (ukunciphisa ukuvuvukala),
    • Antimicrobial (ukulwa namagciwane, STIs, venereal diseases),
    • Wound healing nokumisa ukopha,
    • Haemorrhoids, 
    • Prostate issues

    Ezinye izindlela zokusetshenziswa:

    Imithi: Izimpande ziyabiliswa (decoction) noma zenziwe itiye / tonic.

    Ukugaya: Kuyagaywa noma kugcotshwe.

    Ukudya: Imbewu iyosiwa ibe yikhofi substitute; izimpande ziyathunyelwa noma zisetshenziswe ukusinda izikhumba.

    Kwezinye izikhathi ihlanganiswa nomunye umuthi (njenge-umgugudu) ukuze isebenze ngamandla.

    Igobongo Lesithunywa

    8:55 PM

    Igobongo Lesithunywa Lenziwa Kanjani?

    Igobongo lesithunywa liyafana nalo lonke igobongo umehluko nje yindlela elenziwa ngayo. Ukwenziwa kwalo kuthe ukwehluka kancane ngenxa yezinye izimpande eziye zifakwe ngaphezulu. Kwesinye isikhathi lehlukiswa amanzi asetshenziswa kulo uma lenziwa.

    Lonke igobongo lenziwa ngezimpande ezithile ezehlukene bese kuya ngokuthi elani elisuke limiswa ngaleso sikhathi. Okusemqoka nje ngegobongo lonke wukuthi lema yimithi yedlozi. Iyaliphakamisa idlozi kanti futhi iyalihlambulula ukuze lihlanzeke.

    Igobongo Lesithunya nalo lithakwa ngezimpande noma ngomuthi wedlozi kodwa bese kufakwa izimpande zasemanzini eziqondene nesithunya. Inhloso yalo kakhulu wukuphakamisa isithunya njengoba kusuke kuphakanyiswa idlozi. 

    Okunye okwenza igobongo lesithunywa lithi ukwehluka ukuthi lona kufanele ulukhulekele ngaphambi kokuthi ulidle.

    Amanzi asetshenziswa uma kwakhiwa leligobongo lesithunywa kuwe kube amanzi empophoma noma lokhu kungeyona impoqo. Liyenzeka noma amanzi empophoma engasetshenziswanga kodwa kuye kungafani kahle hle.

    Uma kwenziwa igobongo lesithunywa kuye kugwenywe ukufakwa kwabalozi ngoba bona banolaka abathandi ukuhlanganiswa nokuningi.

    Izaga 22 verse 6

    8:12 PM

    Izaga 22 verse 6

    Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo. 

    Izaga 22 verse 28

    Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.


    UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi Olwandle Mark 6 verse 45

    2:43 PM

     UJesu Uhamba Phezu Kolwandle

    (Mark. 6:45; Joh. 6:16)

    22Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

    25Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

    27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

    28UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

    29Wayesethi: “Woza.”

    Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

    31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

    32Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

    34Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

    AmaHubo 23 Incwadi Yamahubo 23

    2:29 PM

    AmaHubo 23

    1. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

    2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

    3 Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

    4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

    5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

    6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

    Isambulo 21 verse 4

    2:24 PM

    Incwadi YeSambulo 21 Verse 4

    Azesule zonke izinyembezi emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


    Ukhathazekile Ngempi Ye Ukraine ne Russia UNgqongqoshe Wezimali Wakuleli

    2:14 PM

    Ungqongqoshe wezimali wase Mzansi Africa usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngempi eqhubekayo phakathi kwezwe lase Russia nelase Ukraine. UMnumzane Godongwane ubethula inkulumo yakhe yokwethulwa kohla lwezimali ePhalamaende.

    UGodongwane uxwayise ngokuthi lempi uma ingalawulwa izoba nomthelela omkhulu kakhulu kwintengo kawoyela ezweni lonke. Amazwe asentshonalanga kade eqalile ezama ukunxenxa izwe lase Russia ukuthi lihoxise iqhaza labo elilibambile ukuze lempi iphele. Konke kusenhlanga zimuka nomoya okwamanje.

    Impi eqhubeka kwelase Ukraine isibeke isimo somnotho emhlabeni wonke jikelele encupheni enkulu. Lokhu kuzoziphazamisa zonke izinhlelo zokubuyisela isimo somnotho endaweni yaso ngokushesha, 

     

    Featured Employers

    Great HTML Template made with clean Codes. Which will make you proud of your Business, Portfolio, Photography, Blog, and much more.

    What Client Says?

    Incidunt deleniti blanditiis quas aperiam recusandae consequatur ullam quibusdam cum libero illo rerum!

    -STEVE ANDREW
    Espenol INC.