UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi Olwandle Mark 6 verse 45

2:43 PM

 UJesu Uhamba Phezu Kolwandle

(Mark. 6:45; Joh. 6:16)

22Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29Wayesethi: “Woza.”

Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.