AmaHubo 23 Incwadi Yamahubo 23

2:29 PM

AmaHubo 23

1. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3 Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.