Igobongo Lesithunywa

8:55 PM

Igobongo Lesithunywa Lenziwa Kanjani?

Igobongo lesithunywa liyafana nalo lonke igobongo umehluko nje yindlela elenziwa ngayo. Ukwenziwa kwalo kuthe ukwehluka kancane ngenxa yezinye izimpande eziye zifakwe ngaphezulu. Kwesinye isikhathi lehlukiswa amanzi asetshenziswa kulo uma lenziwa.

Lonke igobongo lenziwa ngezimpande ezithile ezehlukene bese kuya ngokuthi elani elisuke limiswa ngaleso sikhathi. Okusemqoka nje ngegobongo lonke wukuthi lema yimithi yedlozi. Iyaliphakamisa idlozi kanti futhi iyalihlambulula ukuze lihlanzeke.

Igobongo Lesithunya nalo lithakwa ngezimpande noma ngomuthi wedlozi kodwa bese kufakwa izimpande zasemanzini eziqondene nesithunya. Inhloso yalo kakhulu wukuphakamisa isithunya njengoba kusuke kuphakanyiswa idlozi. 

Okunye okwenza igobongo lesithunywa lithi ukwehluka ukuthi lona kufanele ulukhulekele ngaphambi kokuthi ulidle.

Amanzi asetshenziswa uma kwakhiwa leligobongo lesithunywa kuwe kube amanzi empophoma noma lokhu kungeyona impoqo. Liyenzeka noma amanzi empophoma engasetshenziswanga kodwa kuye kungafani kahle hle.

Uma kwenziwa igobongo lesithunywa kuye kugwenywe ukufakwa kwabalozi ngoba bona banolaka abathandi ukuhlanganiswa nokuningi.