Izithakazelo Zakwa Mncwango

4:27 AM

Izithakazelo Zakwa Mncwango

Nazi izithakazelo zabantu bakwa Mncwango 

Mjaji ka Ngotshana,

Nsiba ka muntsha,

Makhumbuza uthuli,

Dubeni,

Mpangazitha oziphangayo,

Mncumbatha,

Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,

Mzingeli ka Mfekaye,

Phakathi wako Nkosi.