2022 - Archive

Igobongo Lesithunywa

8:55 PM

Igobongo Lesithunywa Lenziwa Kanjani?

Igobongo lesithunywa liyafana nalo lonke igobongo umehluko nje yindlela elenziwa ngayo. Ukwenziwa kwalo kuthe ukwehluka kancane ngenxa yezinye izimpande eziye zifakwe ngaphezulu. Kwesinye isikhathi lehlukiswa amanzi asetshenziswa kulo uma lenziwa.

Lonke igobongo lenziwa ngezimpande ezithile ezehlukene bese kuya ngokuthi elani elisuke limiswa ngaleso sikhathi. Okusemqoka nje ngegobongo lonke wukuthi lema yimithi yedlozi. Iyaliphakamisa idlozi kanti futhi iyalihlambulula ukuze lihlanzeke.

Igobongo Lesithunya nalo lithakwa ngezimpande noma ngomuthi wedlozi kodwa bese kufakwa izimpande zasemanzini eziqondene nesithunya. Inhloso yalo kakhulu wukuphakamisa isithunya njengoba kusuke kuphakanyiswa idlozi. 

Okunye okwenza igobongo lesithunywa lithi ukwehluka ukuthi lona kufanele ulukhulekele ngaphambi kokuthi ulidle.

Amanzi asetshenziswa uma kwakhiwa leligobongo lesithunywa kuwe kube amanzi empophoma noma lokhu kungeyona impoqo. Liyenzeka noma amanzi empophoma engasetshenziswanga kodwa kuye kungafani kahle hle.

Uma kwenziwa igobongo lesithunywa kuye kugwenywe ukufakwa kwabalozi ngoba bona banolaka abathandi ukuhlanganiswa nokuningi.

Izaga 22 verse 6

8:12 PM

Izaga 22 verse 6

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo. 

Izaga 22 verse 28

Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.


UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi Olwandle Mark 6 verse 45

2:43 PM

 UJesu Uhamba Phezu Kolwandle

(Mark. 6:45; Joh. 6:16)

22Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29Wayesethi: “Woza.”

Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

AmaHubo 23 Incwadi Yamahubo 23

2:29 PM

AmaHubo 23

1. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3 Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

Isambulo 21 verse 4

2:24 PM

Incwadi YeSambulo 21 Verse 4

Azesule zonke izinyembezi emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


Ukhathazekile Ngempi Ye Ukraine ne Russia UNgqongqoshe Wezimali Wakuleli

2:14 PM

Ungqongqoshe wezimali wase Mzansi Africa usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngempi eqhubekayo phakathi kwezwe lase Russia nelase Ukraine. UMnumzane Godongwane ubethula inkulumo yakhe yokwethulwa kohla lwezimali ePhalamaende.

UGodongwane uxwayise ngokuthi lempi uma ingalawulwa izoba nomthelela omkhulu kakhulu kwintengo kawoyela ezweni lonke. Amazwe asentshonalanga kade eqalile ezama ukunxenxa izwe lase Russia ukuthi lihoxise iqhaza labo elilibambile ukuze lempi iphele. Konke kusenhlanga zimuka nomoya okwamanje.

Impi eqhubeka kwelase Ukraine isibeke isimo somnotho emhlabeni wonke jikelele encupheni enkulu. Lokhu kuzoziphazamisa zonke izinhlelo zokubuyisela isimo somnotho endaweni yaso ngokushesha, 

Ukuphupha Isangoma

6:32 AM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Isangoma

Ziningi izindlela ongathola ngazo umyalezo ovela kwabakini abadala. Amaphupho aba yiyona ndlela ejwayelekile idlozi elikwazi ukudlulisa umyalezi. Kuyingozi ke ukungawanaki amaphupho ikakhulukazi uma ephindaphindeka njalo.

Ukuphupha Isangoma

Uma uphupha isangoma kusuke sekuwuphawo olukhulu lokuthi abakithi abangasekho abafuna ukukhuluma nawe. Akuvamile ukuthi uphuphe isangoma ungakaze uwaphuphe amanye amaphupha ngaphambi kwalokho.

Kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi uyaphupha kodwa uyakhohlwa. Uyazi uma usuke uphuphile ngesikhathi ulele kodwa bese ungakhumbuli ekuseni.

Ukuphupha isangoma kukhomba khona ukuthi akusafanele uzibe ungenzi lutho. Sukuma uyobheka! Ukuziba leliphupho kusube sekonakele kakhulu. Okulandela lokho kusho ukuthi sekuzolimaleka kakhulu.

 

Ukuphupha Imali Yamaphepha Eningi Ne Yama Coins Yesiliva

3:08 AM

Kusho Ukuthini Ukuphupha Imali

Kuhlukene ukuphupha imali ngoba kukhona eyisiliva futhu kukhona eyamaphepha imali. Incazelo yazo zombili nezizinhlobo zemali ayifani nhlobo.

Ukuphupha Imali Yamaphepha

Uma ngabe uphupha imali eyiphepha kufanele uqaphele ukuthi bekwenzekani kulelophupho lapho. Imali eyiphepha akufanele ujwayele ukuyiphupha ngoba ikhomba izinto ezikulahlekelayo. Ungamane uyiphuphe uyipha umuntu noma uyihambisa.

Okungafanele kwenzeke wukuthi uyiphuphe uyicosha ngoba lapho isuke iza kuwe. Kuyafana nje nokuthi uyiphuphe uyinikwa wumuntu. Lapha bheka ukuthi ubani lo okunoka imali eyiphepha ngoba kunokwenzeka ukuthi ithonga lakho likubonisa umuntu odala izinto zakho zingami kahle.


Ukuphupha Ulwandle Kusho Ukuthini?

2:45 AM

Ukuphupha Ulwandle Nencazelo Yakho

Ulwandle ngokwesintu luyindawo ehlanzekile kakhulu futhi enamandla ngoba kunenkolelo yokuthi izinyanya ziyahlala kulo. Lena yinkolelo endala futhi ziningi izizathu zayo.

Okokuqala nje ulwandle lunamandla kakhulu futhi into encolile ayihlali kulo nangengozi. Okwesibili ulwandle lufihle izimfihlo ezinzulu mayelana nesimo sezinto ezihamba nezisebenza ngomoya. Lapha sisho izinto ezingabinwa ngamehlo. Ziningi kakhulu izinto nezimfihlo esingeke sazazi ngalo.

Abelaphi bendabuko balukhonzile ngoba uma lusetshenziswe ngedlela efanele luyasiza kakhulu ukulungisa. Noma ungakha amanzi nesihlabathi salo uzosithela emagcekeni omuzi, izitha azidlaleli kalula ngakhona ngoba imimoya emibi luyayixosha.

Ukuphupha Ulwandle

Uma uphupha ulwandle ulele bese uvuka ekuseni ukhumbula lelophupho, kufanele uzihluphe kakhulu ukuthola ukuthi lokhu kusho ukuthini. Ukuze kube lula ukuthola incazelo, kufanele ubuke isimo okade ukuso kulelophupho.

Ngokujwayelekile nje ulwandle luyagubha amagagasi esikhathini esiningi. Luyakwazi futhi ukuthi ngesinye isikhathi lucwebe noma phela kungafani nomfula.

Enye into eyenza ukuphupha ulwandle kubaluleke wukuthi luvele lubanzi kakhulu ngakho ke amaphupho ahambisana nalo akuyona into ongayiziba nje kalula. Ukuphupha ulwandle kukhomba into enkulu emplilweni yakho

Wena muntu osuke ephuphe ulwandle kufanele ukuqonde ukuthi lelo phupho liqondene nawe ngqo!

Ukuphupha Ulwandle Okujwayelekile

Ukuphupha ulwandle luchitheka kusho ukuthi ithonga kukhona into elicasulayo empilweni yakho

Ukuphupha ulwandle luncolile kusho ukuthi kukhona izinto ezimayelana nedlozi ezifuna ukugezwa. Kusenokwenzeka ukuthi leliphupho libika ukuthi kukhona ophehla amanzi amnyama ethongeni. Usuke uqwashiswa ngokuthi izinto zakho zizovaleka uma ungaziphakameli.

Ukuphupha Ulwandle Luluhle

Uma uphupha ulwandle luluhle lucwebile kusho ukuthi idlozi likhuluma nawe ngezinto noma ngobudlelwane wena onakho nalo kodwa futhi kunohambo okufanele uluqale