March 2022 - Archive

Igobongo Lesithunywa

8:55 PM

Igobongo Lesithunywa Lenziwa Kanjani?

Igobongo lesithunywa liyafana nalo lonke igobongo umehluko nje yindlela elenziwa ngayo. Ukwenziwa kwalo kuthe ukwehluka kancane ngenxa yezinye izimpande eziye zifakwe ngaphezulu. Kwesinye isikhathi lehlukiswa amanzi asetshenziswa kulo uma lenziwa.

Lonke igobongo lenziwa ngezimpande ezithile ezehlukene bese kuya ngokuthi elani elisuke limiswa ngaleso sikhathi. Okusemqoka nje ngegobongo lonke wukuthi lema yimithi yedlozi. Iyaliphakamisa idlozi kanti futhi iyalihlambulula ukuze lihlanzeke.

Igobongo Lesithunya nalo lithakwa ngezimpande noma ngomuthi wedlozi kodwa bese kufakwa izimpande zasemanzini eziqondene nesithunya. Inhloso yalo kakhulu wukuphakamisa isithunya njengoba kusuke kuphakanyiswa idlozi. 

Okunye okwenza igobongo lesithunywa lithi ukwehluka ukuthi lona kufanele ulukhulekele ngaphambi kokuthi ulidle.

Amanzi asetshenziswa uma kwakhiwa leligobongo lesithunywa kuwe kube amanzi empophoma noma lokhu kungeyona impoqo. Liyenzeka noma amanzi empophoma engasetshenziswanga kodwa kuye kungafani kahle hle.

Uma kwenziwa igobongo lesithunywa kuye kugwenywe ukufakwa kwabalozi ngoba bona banolaka abathandi ukuhlanganiswa nokuningi.

Izaga 22 verse 6

8:12 PM

Izaga 22 verse 6

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo. 

Izaga 22 verse 28

Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.


UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi Olwandle Mark 6 verse 45

2:43 PM

 UJesu Uhamba Phezu Kolwandle

(Mark. 6:45; Joh. 6:16)

22Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29Wayesethi: “Woza.”

Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

AmaHubo 23 Incwadi Yamahubo 23

2:29 PM

AmaHubo 23

1. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3 Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

Isambulo 21 verse 4

2:24 PM

Incwadi YeSambulo 21 Verse 4

Azesule zonke izinyembezi emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


Ukhathazekile Ngempi Ye Ukraine ne Russia UNgqongqoshe Wezimali Wakuleli

2:14 PM

Ungqongqoshe wezimali wase Mzansi Africa usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngempi eqhubekayo phakathi kwezwe lase Russia nelase Ukraine. UMnumzane Godongwane ubethula inkulumo yakhe yokwethulwa kohla lwezimali ePhalamaende.

UGodongwane uxwayise ngokuthi lempi uma ingalawulwa izoba nomthelela omkhulu kakhulu kwintengo kawoyela ezweni lonke. Amazwe asentshonalanga kade eqalile ezama ukunxenxa izwe lase Russia ukuthi lihoxise iqhaza labo elilibambile ukuze lempi iphele. Konke kusenhlanga zimuka nomoya okwamanje.

Impi eqhubeka kwelase Ukraine isibeke isimo somnotho emhlabeni wonke jikelele encupheni enkulu. Lokhu kuzoziphazamisa zonke izinhlelo zokubuyisela isimo somnotho endaweni yaso ngokushesha,